1.
ALELUYA, aleluya, aleluya!
Kwaphel’ ukulwa nempi;
Sek’ ukuphila kithi;
Masilivume sithi, Aleluya.

2.
Ukufa kuphelile,
UKristu wahlulile,
Vumani, nisindile, Aleluya.

3.
Zintathu ubefile,
Uvuke ephilile,
Konke sekuvumile, Aleluya.

4.
Aqhuma amaliba,
Amademon’ ethuka,
Sihuba siyagwaba, Aleluya.

5.
Ngem’vimbo saphiliswa,
Izimvu zasindiswa.
Ngabantu wodunyiswa, Aleluya.



Top